Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ingabe Kubaluleke Ngempela Ukuba Nenhlonipho?

Ingabe Kubaluleke Ngempela Ukuba Nenhlonipho?

‘Abantu abangivuleli umnyango; pho kungani mina kufanele ngibavulele?’

‘Ingabe azikho yini ezinye izinto ezibaluleke kakhulu engingazikhathaza ngazo kunokulokhu ngithi “ngiyacela,” “ngiyabonga,” nokuthi “uxolo”?’

‘Asikho isidingo sokuhlonipha izingane zakithi. Siwumndeni.’

Ingabe kukhona kulokhu okungenhla okuzwakala njengento ongayisho? Uma kunjalo, kungenzeka uphuthelwa yizinzuzo zokubonisa inhlonipho!

 Okufanele ukwazi ngokuba nenhlonipho

 Ukuba nenhlonipho kungathuthukisa lezi zinto ezintathu ekuphileni kwakho:

  1.   Idumela lakho. Indlela ophatha ngayo abanye abantu ikwakhela igama, kungaba elihle noma elibi. Uma uhlonipha, cishe abantu bayokubheka njengomuntu ovuthiwe nonokwethenjelwa—futhi bayokuhlonipha! Kodwa, uma uluhlaza, abantu bayophetha ngokuthi uzicabangela wena kuphela, okungase kubangele ukuba ulahlekelwe amathuba okuthola umsebenzi kanye namanye amathuba. Kunjengoba iBhayibheli lisho, ‘umuntu onesihluku uzilethela isigcwagcwa.’​—IzAga 11:17.

  2.   Ubuhlobo bakho nabanye. IBhayibheli lithi: “Gqokani uthando, ngoba luyisibopho esiphelele sobunye.” (Kolose 3:14) Lokho kuyiqiniso ngempela lapho kuziwa endabeni yobungane. Abantu bayabathanda abantu abanenhlonipho nababaphatha kahle. Kakade, ubani ongafuna ukuba ngumngane womuntu odelelayo noma oyisiphoxi?

  3.   Indlela abanye abantu abakuphatha ngayo. Intokazi okuthiwa uJennifer ithi: “Uma uhlale ukhuluma ngenhlonipho, ngokuhamba kwesikhathi ungabona intuthuko endleleni ngisho nabantu abahlale beluhlaza abasebenzelana ngayo nawe.” Kodwa-ke, uma uluhlaza, umphumela ungaba okuphambene. IBhayibheli lithi: ‘Ngesilinganiso obalinganisela ngaso, bayokulinganisela ngaso nawe.’—Mathewu 7:2.

 Iphuzu elisemqoka: Nsuku zonke ekuphileni, sisebenzelana nabantu. Indlela osebenzelana ngayo nabo, ingayithinta indlela abantu abakubheka ngayo nabakuphatha ngayo. Kalula nje singathi, ukuba kwakho nenhlonipho kubaluleke ngempela!

 Indlela yokuyithuthukisa

  1.   Ake uyihlole ‘inhlonipho yakho.’ Zibuze imibuzo efana nale: ‘Ingabe ngikhuluma ngenhlonipho nabantu abadala? Ngivame kangakanani ukuthi “ngiyacela,” “ngiyabonga,” noma “uxolo”? Ingabe ngivumela iziphazamiso lapho ngikhuluma nabanye ​—mhlawumbe ngize ngifunde ngisho nomyalezo kumakhalekhukhwini noma ngiwuthumelele othile? Ingabe ngiyabahlonipha abazali bami nezingane zakithi, noma ngivele nginganaki ngenxa yokuthi “bangamalungu omndeni”?’

     IBhayibheli lithi: “Ekubonisaneni udumo nihole.”—Roma 12:10.

  2.   Zibekele imigomo. Bhala izinto ezintathu ongathuthukisa kuzo. Ngokwesibonelo, u-Allison oneminyaka engu-15 ubudala, uthi udinga “ukuba isilaleli esihle kunokuba kube nguye ohlale ekhuluma.” UDavid, oneminyaka engu-19, uthi kudingeka asebenzele ekugwemeni ukubhala imiyalezo lapho ehlezi namalungu omndeni noma abangane. Uthi: “Kuwukungahloniphi. Kufana nokuthi ngibatshela ukuthi kungcono ukuzixoxela nomunye umuntu kunokuxoxa nabo.” U-Edward, oneminyaka engu-17, uthi kufanele agweme ukuphazamisa abanye lapho besakhuluma. Kanti uJennifer, oke wacashunwa, uzimisele ukusebenzela ekuhlakuleleni inhlonipho ngabantu abadala. Uthi: “Bengijwayele ukuvele ngithi, ‘sawubona’ bese ngivele ngizidlulela ngiye kubangane bami abalingana nami. Kodwa manje ngiwenzile ngempela umzamo wokuba ngibazi kangcono. Lokhu kuye kwangisiza kakhulu ekuthuthukiseni izinga lami lenhlonipho!”

     IBhayibheli lithi: “Ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.”—Filipi 2:4.

  3.   Hlola intuthuko yakho. Esikhathini esingangenyanga, hlola indlela okhuluma ngayo noma owenza ngayo ezintweni ofuna ukuthuthuka kuzo. Ekupheleni kwaleyo nyanga, zibuze: ‘Ukuba kwami nenhlonipho kungenze kanjani ngaba umuntu ongcono? Iziphi izindawo okusafanele ngithuthuke kuzo?’ Zibekele imigomo emisha ehambisana nalokho.

     IBhayibheli lithi: “Leyo ndlela enifuna abantu benze ngayo kini, yenzani kanjalo nani kubo.”—Luka 6:31.