Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ingabe Kufanele Ngibhapathizwe?—Ingxenye 1: Incazelo Yobhapathizo

Ingabe Kufanele Ngibhapathizwe?—Ingxenye 1: Incazelo Yobhapathizo

 Unyaka nonyaka, intsha eningi ekhuliswa njengoFakazi BakaJehova iyabhapathizwa. Ingabe nawe ucabanga ukuthatha leso sinyathelo? Uma kunjalo, kuzodingeka uqonde kuqala ukuthi kusho ukuthini ukuzinikezela nokubhapathizwa.

 Kuyini ukubhapathizwa?

 Ubhapathizo okukhulunywa ngalo eBhayibhelini luwukucwiliswa ngokuphelele emanzini—alukhona nje ukufafazwa ngamanzi—lunencazelo ejulile.

  •   Lapho ungena phansi emanzini phakathi nobhapathizo usuke ukhombisa obala ukuthi ngeke usaphilela ukwenza izinto ezijabulisa wena kuphela.

  •   Ukukhishwa emanzini kubonisa ukuthi usuqale ukuphila okusha okugxile ekwenzeni izinto ezijabulisa uNkulunkulu.

 Lapho ubhapathizwa, usuke ubonisa obala ukuthi uyakwamukela ukuthi uJehova unegunya lokubeka imithetho yokulungile nokungalungile, futhi usuke uthembisa obala ukuthi uzovumelana ngokusuka enhliziyweni nalokho afuna ukwenze.

 Ongacabanga ngakho: Kungani kufanele uzibophezele obala ukuthi uzolalela uJehova ekuphileni kwakho? Funda eyoku-1 Johane 4:19 nesAmbulo 4:11.

 Kuyini ukuzinikezela?

 Ngaphambi kokuba ubhapathizwe, kufanele uqale uzinikezele ngasese kuJehova. Kanjani?

 Emthandazweni owenza ngasese, utshela uJehova ukuthi uthembisa ukumkhonza kuze kube phakade nokuthi uzokwenza akufunayo kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani nokuthi abanye bakhetha ukwenzani.

 Lapho ubhapathizwa usuke ubonisa obala ukuthi wenze lokho kuzinikezela ngasese. Ubhapathizo lutshela abanye ukuthi awusaziphileli wena, manje usungokaJehova.—Mathewu 16:24.

 Ongacabanga ngakho: Kungani ukuphila kwakho kuba ngcono lapho usungokaJehova? Funda u-Isaya 48:17, 18 namaHebheru 11:6.

 Kungani ubhapathizo lubalulekile?

 UJesu wathi abafundi bakhe kudingeka babhapathizwe. (Mathewu 28:19, 20) Ngakho, ubhapathizo lusadingeka kumaKristu. IBhayibheli lize lithi luyadingeka ukuze sisindiswe.—1 Petru 3:21.

 Nokho, isisusa sokubhapathizwa kufanele kube uthando onalo ngoJehova nokwazisa ubuhlobo bakho naye. Kufanele ucabange njengomhubi, wabhala: ‘Ngizombuyisela ngani uJehova ngakho konke okuhle angenzele kona? . . . Ngizobiza igama likaJehova. Ngizogcwalisa izifungo zami engizenze kuJehova.’—IHubo 116:12-14.

 Ongacabanga ngakho: Yini enhle uJehova akwenzele yona, ungambuyisela ngani? Funda uDuteronomi 10:12, 13 namaRoma 12:1.