Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ezothando—Ingxenye 1: Ingabe Ngikulungele Ukuthandana Nothile?

Ezothando—Ingxenye 1: Ingabe Ngikulungele Ukuthandana Nothile?

 Kuyini ukuthandana nothile?

 Abanye abantu babheka ukuthandana nothile njengento yokuzijabulisa nje. Nokho, kulesi sihloko, “ukuthandana nothile” kubhekisela esikhathini lapho abantu abathandanayo bechitha isikhathi ndawonye ukuze babone ukuthi bangashada yini. Ngakho ukuthandana nothile kunenjongo. Akuyona nje indaba yokujabulela ukunakwa umuntu wobulili obuhlukile.

 Ngokuhamba kwesikhathi, ukuthandana nothile kufanele kukusize wenze isinqumo—sokuthi nizoshada yini noma nizohlukana. Lapho uqala ukuthandana nothile, kudingeka ulindele noma yini kulezi zinto ezimbili.

 Nakhu okubalulekile: Uma ukholelwa ukuthi ukulungele ukuthandana nothile, kufanele ukukholelwe nokuthi ukulungele ukushada.

Ukuthandana nothile ungenawo umgomo wokushada kufana nokuya engxoxweni yokuhlolelwa umsebenzi ube ungenawo umgomo wokuthola umsebenzi

 Ukulungele yini ukuthandana nothile?

 Ukuthandana nothile kungaholela emshadweni, ngakho uyobe wenza kahle uma ucabanga ngokuthi yiziphi izimfanelo onazo ezingaba usizo noma ezingalimaza ubuhlobo benu. Ngokwesibonelo, cabanga ngalokhu okulandelayo:

  •   Ubuhlobo bakho nabakini. Indlela ophatha ngayo abazali bakho nezingane zakini—ikakhulukazi lapho ucindezelekile—ivame ukubonisa indlela oyophatha ngayo umuntu oshade naye.

     Isimiso seBhayibheli: “Susani kini yonke inhlobo yenzondo, intukuthelo, ulaka, ukuklabalasa nenkulumo elimazayo nayo yonke into elimazayo.”—Efesu 4:31.

     Zibuze: ‘Abazali bami nezingane zakithi bangasho yini ukuthi ngibaphatha ngenhlonipho? Lapho kukhona ukungaboni ngaso linye nomunye wabo, ngiyakwazi yini ukulungisa izinto ngomoya ozolile noma ngivele ngithukuthele bese ngiqagulisana naye?’

    Uma uhluleka ukulungisa ukungaboni ngaso linye nabazali bakho, uyokwazi ngempela yini ukukulungisa nomuntu oshade naye?

  •   Ukuzidela. Lapho usushadile, kuyodingeka ucabange ngalokho okuthandwa umuntu oshade naye futhi izikhathi eziningi kuyodingeka udele okuthandayo ukuze umjabulise.

     Isimiso seBhayibheli: “Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.”—1 Korinte 10:24.

     Zibuze: ‘Ingabe ngihlale ngiphoqelela ukuthi izinto zenziwe ngendlela yami? Ingabe abanye bangibheka njengomuntu ocabangelayo? Ngikubonise ngaziphi izindlela ukuthi ngibeka izidingo zabanye kuqala kunezami?’

  •   Ukuthobeka. Umngani womshado okahle uyawavuma amaphutha akhe axolise ngokusuka enhliziyweni.

     Isimiso seBhayibheli: “Sonke siyawenza amaphutha izikhathi eziningi.”—Jakobe 3:2, umbhalo waphansi.

     Zibuze: ‘Ngiyashesha yini ukuvuma amaphutha ami noma ngibeka izaba? Ingabe ngizwela ngokweqile lapho abanye bengitshela lapho engingathuthukisa khona?’

  •   Endabeni yezimali. Umuntu okwazi ukuphatha kahle imali uyogwema enye yezinto evame ukuxabanisa abantu abashadile.

     Isimiso seBhayibheli: “Ubani kini othi efuna ukwakha umbhoshongo angahlali phansi kuqala abale izindleko, ukuze abone ukuthi unakho yini okwanele ukuba awuqede?”—Luka 14:28.

     Zibuze: ‘Ngiyakwazi yini ukulawula indlela engisebenzisa ngayo imali noma ngivame ukuba sezikweletini? Ngibonise kanjani ukuthi ngiyakwazi ukuphatha kahle imali?’

  •   Isimiso esingokomoya. Uma ungomunye woFakazi BakaJehova kufanele ube nesimiso sokutadisha iBhayibheli njalo futhi uye njalo emihlanganweni yobuKristu.

     Isimiso seBhayibheli: “Bayajabula abaqaphelayo ukuthi bayamdinga uNkulunkulu.”—Mathewu 5:3.

     Zibuze: ‘Ingabe ngenza konke engingakwenza ukuze ngigcine ukholo lwami luqinile? Ingabe isimiso sami esingokomoya siza kuqala ekuphileni kwami noma ngivumela ukuphazanyiswa ezinye izinto?’

 Nakhu okubalulekile: Umuntu oyoshada naye ufanelwe umngani womshado okahle. Uma usebenza kanzima ukuze ube yilolo hlobo lo muntu, cishe uyokhanga umuntu ofana nawe.