Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ngingabhekana Kanjani Nokukhathazeka?

Ngingabhekana Kanjani Nokukhathazeka?

 Yini ekwenza ukhathazeke?

 Ingabe la mazwi alandelayo achaza indlela oye uzizwe ngayo ngezinye izikhathi?

 “Ngihlale ngicabanga: ‘Kuthiwani uma . . . ?’ ‘Kuthiwani uma siba sengozini yemoto?’ ‘Kuthiwani uma indiza iphahlazeka?’ Ngikhathazeka ngezinto umuntu ocabanga ngendlela efanele angeke akhathazeka kakhulu ngazo.”—UCharles.

 “Ngihlale ngikhathazekile, ngizibona ngishova ibhayisikili elingayi ndawo. Ngoba ngiyakhandleka kodwa akukho engikufezayo!”​—U-Anna.

 “Uma abantu bethi ngiyajabula ngokuba sesikoleni, ngiye ngicabange, ‘Abazi ukuthi isikole singicindezela kanjani!’”​—UDaniel.

 “Ngihlale ngicindezelekile. Njalo ngikhathazeka ngokuthi yini ezokwenzeka noma okumelwe ngiyenze.”—ULaura.

 Iqiniso: Siphila ezikhathini iBhayibheli elizibiza ngokuthi “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thimothewu 3:1) Ngenxa yalokho, ukukhathazeka kuhlupha intsha ngezinga okubahlupha ngalo nabantu abadala.

 Ingabe ukukhathazeka kubi ngaso sonke isikhathi?

 Impendulo ingucha. Empeleni, iBhayibheli lithi kuyafaneleka ukuba abantu bakhathazeke ngoba befuna ukujabulisa ababathandayo.​—1 Korinte 7:32-34; 2 Korinte 11:28.

 Kanti futhi kumelwe sivume ukuthi ukukhathazeka kungasishukumisela esenzweni. Ngokwesibonelo, ake sithi uzobhala isivivinyo esikoleni ngesonto elizayo. Ukukhathazeka kungakwenza utadishe kuleli sonto ​—futhi lokho kungakwenza uphumelele kangcono!

 Ukukhathazeka ngezinga elithile kungase kukwenze uqaphele ingozi. Osemusha okuthiwa uSerena uthi, “Ungase ukhathazeke ngoba wazi ukuthi wenza ngendlela engafanele nokuthi kudingeka wenze izinguquko ukuze unembeza wakho ukhululeke.”​—Qhathanisa noJakobe 5:14.

 Iqiniso: Ukukhathazeka kungakusiza​—uma nje kukushukumisela esenzweni esifanele.

 Kodwa, kuthiwani uma ukukhathazeka kukugcina unemicabango engakhi?

Ukukhathazeka kungakwenza uzizwe uvaleleke endaweni ongakwazi ukuphuma kuyo, kodwa umuntu obheka izinto ngendlela ehlukile angakusiza uthole indlela yokuphuma

 Isibonelo: URichard oneminyaka engu-19 uthi, “Ingqondo yami ivele igijime uma ngicabanga ngezindlela isimo esingicindezelayo okungenzeka siphethe ngazo. Ngiyasiphenduphendula leso simo engqondweni yami, kuze kube seqophelweni lokukhathazeka kakhulu.”

 IBhayibheli lithi “inhliziyo ezolile ingukuphila komzimba.” (IzAga 14:30) Ngakolunye uhlangothi, ukukhathazeka kungaba nemiphumela emibi emzimbeni, efana nekhanda elibuhlungu, isiyezi, isisu esibuhlungu nokushaya ngamandla kwenhliziyo.

 Yini ongayenza uma ukukhathazeka kukulimaza kunokuba kukusize?

 Ongakwenza

  •   Hlola ukuthi kufanele yini ukhathazeke. “Ukuzihlupha ngezibopho zakho akufani nokukhathazeka ngokweqile. Kungikhumbuza isisho esithi, Ukukhathazeka kufana nokuhlala esihlalweni esiyendayo. Uba matasa kodwa awuyi ndawo.”​—UKatherine.

     IBhayibheli lithi: “Ubani kini ongathi ngokukhathazeka anezele ingalo eyodwa esikhathini sakhe sokuphila?”​—Mathewu 6:27.

     Lokhu kusho ukuthi: Uma ukukhathazeka kungakusizi uxazulule inkinga, kuzomane kwenezele ezinkingeni zakho​—noma kube inkinga yakho.

  •   Bhekana nezinto zosuku ngalunye ngesikhathi. “Cabangisisa ngakho. Ingabe into okhathazeke ngayo izobe isabalulekile kusasa? ngenyanga ezayo? ngonyaka ozayo? eminyakeni emihlanu ezayo?”​—U-Anthony.

     IBhayibheli lithi: “Ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo, ngoba usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo. Ububi bosuku ngalunye banele lona.”​—Mathewu 6:34.

     Lokhu kusho ukuthi: Akuhlakaniphile ukuthwala ukukhathazeka kakhulu ngokuzokwenzeka kusasa​—okunye kwakho kungase kungenzeki nokwenzeka.

  •   Funda ukwamukela izinto ongeke ukwazi ukuzishintsha. “Into engcono kakhulu ongayenza, ukuzilungiselela isimo ngezinga ongakwazi ngalo, kodwa ulamukele iqiniso eliwukuthi ezinye izimo ngeke ukwazi ukuzilawula.”​—URobert.

     IBhayibheli lithi: “Ukuphumelela umncintiswano akuyi ngabanejubane,  . . . ngisho nalabo abanolwazi abawutholi umusa; ngoba isikhathi nesenzakalo esingalindelekile sibehlela bonke.”​—UmShumayeli 9:11.

     Lokhu kusho ukuthi: Ngezinye izikhathi ngeke ukwazi ukushintsha isimo obhekene naso, kodwa ungakwazi ukushintsha indlela osibheka ngayo.

  •   Bheka isimo okuso ngendlela efanele. “Ngithole ukuthi kufanele ngibe nombono obanzi ngesimo engibhekene naso ngingakhathazeki ngokweqile ngemininingwane emincane. Kufanele ngazi ukuthi yikuphi okubalulekile, bese ngisebenzisa amandla ami ekukusingatheni.”​—U-Alexis.

     IBhayibheli lithi: “Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”​— Filipi 1:10.

     Lokhu kusho ukuthi: Mancane amathuba okuba abantu abakhathazeka ngezinga elifanele, babuswe yikho.

  •   Khuluma nothile. “Lapho ngenza ibanga lesithupha, ngangifika ekhaya ngikhathazeke kakhulu, ngingafuni nakucabanga ngolwakusasa. Umama nobaba babengilalela lapho ngibatshela indlela engizizwa ngayo. Kwakungisiza ukuba khona kwabo. Ngangibethemba futhi ngikwazi ukukhuluma nabo ngokukhululekile. Kwakungisiza ngikwazi ukubhekana nosuku olulandelayo.”​—UMarilyn.

     IBhayibheli lithi: “Ngukukhathazeka enhliziyweni yomuntu okuyoyibangela ukuba ibhocobale, kodwa yizwi elihle eliyenza ijabule.”​— IzAga 12:25.

     Lokhu kusho ukuthi: Umzali noma umngane angase akunike ukusikisela okungakusiza unciphise ukukhathazeka.

  •   Thandaza. “Ukuthandaza​—ngokuzwakalayo ukuze ngizizwe​—kuyangisiza. Kwenza ngikuphimisele okungikhathazayo kunokumane nje ngikugcine ekhanda. Kanti futhi kungisiza ngiqaphele ukuthi uJehova mkhulu kunalokho okungikhathazayo.”​—ULaura.

     IBhayibheli lithi: ‘Phonsa zonke izinkathazo zakho kuNkulunkulu, ngoba uyakukhathalela.’​—1 Petru 5:7.

     Lokhu kusho ukuthi: Umthandazo awulona isu lokulutha ingqondo. Uyindlela yokuxhumana ngokuqondile noJehova uNkulunkulu osinike lesi sithembiso: “Ungaqalazi ngapha nangapha, ngoba nginguNkulunkulu wakho. Ngizokuqinisa. Impela ngizokusiza.”​—Isaya 41:10.