Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ingabe Ubutabane Abulungile?

Ingabe Ubutabane Abulungile?

 “Enye yezinto ezinzima kakhulu engangibhekene nazo lapho ngikhula, ukuzizwa ngithanda abobulili obufana nobami. Ngangizitshela ukuthi kuzodlula, kodwa leyo mizwa isangihlupha namanje.”​—UDavid, 23.

 UDavid ungumKristu ofisa ukujabulisa uNkulunkulu. Ingabe angakwenza lokho nakuba ezizwa ethanda abantu bobulili obufana nobakhe? UNkulunkulu uzizwa kanjani ngempela ngobutabane?

 Lithini iBhayibheli?

 Indlela ubutabane obubhekwa ngayo ingase ihluke kuye ngendawo nangenkathi. Kodwa amaKristu awalawulwa imibono ethandwayo noma ‘ayiswe lé nalé yiyo yonke imimoya yemfundiso.’ (Efesu 4:14) Kunalokho, asekela umbono wawo ngokuziphatha kobutabane (empeleni, nanoma yikuphi okunye ukuziphatha) kulokho okushiwo iBhayibheli.

 Lokho okushiwo iBhayibheli ngokuphathelene nezenzo zobutabane kucacile. IZwi LikaNkulunkulu lithi:

  •  “Ungalali nowesilisa njengalapho ulala nowesifazane.”—Levitikusi 18:22

  •  “UNkulunkulu, ngokuvumelana nezifiso zezinhliziyo zabo, wabanikela, . . . ezifisweni zobulili eziyichilo, ngoba abesifazane babo bashintsha ukusetshenziswa kwabo kwemvelo bakwenza okuphambene nemvelo.”—Roma 1:​24, 26.

  •  “Ningadukiswa. Izifebe, noma abakhonza izithombe, iziphingi, amadoda agcinelwe izinjongo ezingezona ezemvelo, amadoda alala namadoda, amasela, abantu abahahayo, izidakwa, izithuki, noma abaphangi ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.”—1 Korinte 6:9, 10.

 Empeleni, lokho okushiwo uNkulunkulu kusebenza kubo bonke abantu, kungakhathaliseki ukuthi banezifiso ezihilela abobulili obufanayo noma obuhlukile. Iqiniso liwukuthi, wonke umuntu kumelwe azithibe lapho efikelwa izifiso ezinamandla zokwenza izenzo ezingamjabulisi uNkulunkulu.​—Kolose 3:5.

 Ingabe lokho kusho ukuthi . . . ?

 Ingabe lokho kusho ukuthi iBhayibheli likhuthaza ukuzondwa kwezitabane?

 Cha. Empeleni, akukho muntu iBhayibheli elikhuthaza ukuba azondwe​—oyisitabane noma ongesona. Kunalokho, lisitshela ukuba ‘siphishekele ukuthula nabantu bonke,’ kungakhathaliseki ukuthi baphila ukuphila okunjani. (Hebheru 12:14) Ngakho akulungile ukuchukuluza, ukuhlukumeza noma ukuphatha kabi izitabane nganoma iyiphi indlela.

 Ingabe lokho kusho ukuthi amaKristu kumelwe aphikisane nemithetho evumela ukushada kwabantu bobulili obufanayo?

 IBhayibheli libonisa ukuthi ngokukaNkulunkulu umshado uhilela ukuhlangana kwendoda eyodwa nowesifazane oyedwa. (Mathewu 19:4-6) Nokho, kwamanye amazwe izingxoxo eziphathelene nemithetho yohulumeni ngokushada kwabantu bobulili obufanayo zigxile ezimpikiswaneni zezombusazwe, hhayi kwezokuziphatha. IBhayibheli litshela amaKristu ukuba angathathi hlangothi kwezombusazwe. (Johane 18:36) Ngakho, awasekeli noma aphikise imithetho kahulumeni ehilela ukushada kwabobulili obufanayo noma ukuziphatha kobutabane.

 Kodwa kuthiwani uma . . . ?

 Kodwa kuthiwani uma umuntu ephila njengesitabane? Ingabe lowo muntu angashintsha?

 Yebo. Empeleni, abanye ngekhulu lokuqala bashintsha! Ngemva kokuveza ukuthi labo abaphila njengezitabane ngeke balizuze ifa loMbuso kaNkulunkulu, iBhayibheli lithi: “Yilokho abanye kini ababeyikho.”1 Korinte 6:11.

 Ingabe lokho kusho ukuthi labo ababephila njengezitabane babengasayifisi nhlobo indlela ababekade bephila ngayo? Cha. IBhayibheli lithi: ‘Gqokani ubuntu obusha, obenziwa bube busha ngolwazi olunembile.’ (Kolose 3:10) Ushintsho luyinto eqhubekayo.

 Kodwa kuthiwani uma umuntu ofisa ukulalela uNkulunkulu esalokhu efikelwa izifiso zobutabane?

 Njenganoma isiphi isifiso, umuntu angakhetha ukungasinaki noma ukungakwenzi lokho akufisayo. Kanjani? IBhayibheli lithi: “Qhubekani nihamba ngomoya khona-ke ngeke neze nifeze isifiso senyama.”—Galathiya 5:16.

 Phawula ukuthi leli vesi alisho ukuthi umuntu ngeke abe naso isifiso senyama. Kunalokho, ukutadisha iBhayibheli nokuthandaza njalo kungamsiza abe namandla okumelana nalezo zifiso.

 UDavid, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wakuthola kuyiqiniso lokho​—ikakhulukazi ngemva kokuthulula isifuba kubazali bakhe abangamaKristu ngobunzima ayebhekene nabo. Uthi: “Kwangethula umthwalo osindayo owawusemahlombe ami. Futhi ngangizoyijabulela nakakhulu iminyaka yami yokukhula ukube ngasheshe ngakhuluma.”

 Ekugcineni, sijabula nakakhulu lapho siphila ngemithetho kaJehova. Siyaqiniseka ukuthi ‘iqotho, ibangela inhliziyo ukuba ijabule,’ nokuthi ‘kukhona umvuzo omkhulu lapho igcinwa.’​—IHubo 19:8, 11.