Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Lingangisiza Kanjani IBhayibheli?—Ingxenye 2: Kujabulele Ukufunda IBhayibheli

Lingangisiza Kanjani IBhayibheli?—Ingxenye 2: Kujabulele Ukufunda IBhayibheli

 Insizwa okuthiwa nguWill ithi, “Ngezinye izikhathi ukufunda iBhayibheli kungabukeka kubhora uma ungazi ukuthi iyiphi indlela ekahle yokulifunda.”

 Ungathanda yini ukwazi izinto ezingakusiza ukujabulele ukufunda iBhayibheli? Lesi sihloko sizokusiza.

 Yenza iBhayibheli liphile

 Zifake kulokho okufundayo. Ungenza lokhu okulandelayo:

  1.   Khetha indaba ethile eBhayibhelini ongathanda ukuyifunda. Ungakhetha indaba ethile noma isahluko esithile ezincwadini zeBhayibheli ezilandisa ngokuphila kukaJesu noma ulalele ukufundwa kweBhayibheli okusadrama okukuyi-jw.org/zu.

  2.   Yifunde leyo ndaba. Ungayifunda uwedwa noma uyifunde nabangane noma amalungu omndeni. Ningahlukaniselana, omunye afunde ingxenye elandisayo abanye bafunde izingxenye zabalingiswa abahlukahlukene kuleyo ndaba.

  3.   Zama okunye kwalokhu okungezansi:

    •   Dweba izithombe zendaba ofunda ngayo. Noma udwebe izithombe ezilandelanayo ezibonisa lokho okwenzekayo kuleyo ndaba kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni. Ngaphansi kwesithombe ngasinye, bhala umusho ochaza okwenzekayo.

    •   Dweba ibhokisi, kulo ubhale igama lomuntu othembekile ofunde ngaye eBhayibhelini, emaceleni alelo bhokisi bhala ukuthi wayenobuntu obunjani nokuthi iziphi izibusiso azithola.

    •   Yenza sengathi ubika ezindabeni kuthelevishini ngendaba oyifunde eBhayibhelini. Veza izinhlangothi ezihlukahlukene zaleyo ndaba, bese wenza sengathi uxoxa nabalingiswa noma ofakazi abakubona lokho okwakwenzeka.

    •   Uma othile kuleyo ndaba enza isinqumo esibi, zama ukucabanga ukuthi yini eyayingenzeka ukuba wayekhethe kahle. Ngokwesibonelo, cabanga ngoPetru lapho ephika uJesu. (Marku 14:66-​72) Kwakufanele abaphendule kanjani uPetru labo ababemcindezela?

    •   Uma ukwazi, zama ukuzibhalela eyakho idrama uyithathela endabeni ethile eseBhayibhelini. Bonisa nokuthi yiziphi izifundo esingazifunda kuleyo ndaba.​—Roma 15:4.

      Ungenza iBhayibheli liphile!

 Cwaninga!

 Uma ucwaninga ungathola amagugu obukade ungawanakile. Empeleni, ngezinye izikhathi ngisho negama elilodwa noma amabili angakunika ulwazi olubalulekile.

 Ngokwesibonelo, qhathanisa uMathewu 28:7 noMarku 16:7.

  •    Kungani uMarku athi uJesu wayeyobonakala kubafundi bakhe “noPetru”?

  •  Okungakusiza: UMarku wayengekho ngesikhathi kwenzeka lokhu, ngakho kusobala ukuthi akubhala wakutshelwa uPetru.

  •  Igugu elicashile: Kungani kwamduduza uPetru ukuzwa ukuthi uJesu wayefuna ukumbona? (Marku 14:66-​72) UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayengumngane kaPetru weqiniso? Ungamlingisa kanjani uJesu ngokuba umngane weqiniso kwabanye?

 Uma wenza iBhayibheli liphile futhi ucwaninga, uzokujabulela kakhulu ukulifunda!