Dlulela kokuphakathi

Kungani Abazali Bami Bengafuni Ngizijabulise?

Kungani Abazali Bami Bengafuni Ngizijabulise?

Ake ucabange lesi simo:

Ufuna ukuya emcimbini, kodwa awuqiniseki ukuthi abazali bakho bazokuvumela. Yini ongakhetha ukuyenza?

  1.  AWUCELI—UVELE UHAMBE

  2.  AWUCELI—AWUHAMBI

  3.  UYACELA—UZWE UKUTHI BAZOTHINI

 1. AWUCELI—UVELE UHAMBE

 Isizathu esingakwenza ucabange ukukhetha lokhu: Ufuna ukujabulisa abangane bakho ngokubabonisa ukuthi uzimele. Unomuzwa wokuthi wazi kangcono kunabazali bakho noma awuyihloniphi indlela abahlulela ngayo.—IzAga 14:18.

 Imiphumela: Abangane bakho bangakuthanda, kodwa bayofunda okuthile ngawe—ukuthi uyakwazi ukukhohlisa. Uma ungakhohlisa abazali bakho, kusho ukuthi ungabakhohlisa nabangane bakho. Uma abazali bakho bethola ukuthi ubakhohlisile, bayokuzwa ubuhlungu futhi bazizwe bekhohlisiwe, bese bekubekela imithetho eqinile.—IzAga 12:15.

 2. AWUCELI—AWUHAMBI

 Isizathu esingakwenza ucabange ukukhetha lokhu: Uyacabanga ngalesi simemo bese unquma ukuthi izinto ezizokwenziwa azihambisani nezimiso zakho noma abathile abamenyiwe abalona ithonya elihle. (1 Korinte 15:33; Filipi 4:8) Ngakolunye uhlangothi, ungase ufune ukuya kodwa ungabi nesibindi sokucela kubazali bakho.

 Imiphumela: Uma ungayi ngenxa yokwazi ukuthi kuwumbono ongemuhle, uyoba nesibindi sokubaphendula abangane bakho. Kodwa uma ungayi ngenxa nje yokuthi wesaba ukucela kubazali, ungagcina uhleli ekhaya ungajabule, unomuzwa wokuthi nguwe wedwa onomzwangedwa.

 3. UYACELA—UZWE UKUTHI BAZOTHINI

 Isizathu esingakwenza ucabange ukukhetha lokhu: Uyaqaphela ukuthi abazali bakho banegunya phezu kwakho futhi uyakuhlonipha ukwahlulela kwabo. (Kolose 3:20) Uyabathanda futhi awufuni ukubazwisa ubuhlungu ngokweqa uhambe ungabatshelanga. (IzAga 10:1) Unanethuba lokuzikhulumela.

 Imiphumela: Abazali bakho baba nomuzwa wokuthi uyabathanda futhi uyabahlonipha. Uma isicelo sakho besibheka njengesinengqondo, bangase bavume.

Okungenza Abazali Benqabe

Njengabaqaphi olwandle, abazali bakho basendaweni ekahle yokubona izinto eziyingozi

 Esinye isizathu singafanekiswa ngale ndlela: Uma bekungadingeka ukhethe, cishe ubungakhetha ukubhukuda ebhishi elinabaqaphi. Kungani? Ngenxa yokuthi ngesikhathi ubhukuda, akulula ukubona ingozi. Kodwa abaqaphi basendaweni ekahle yokubona izinto eziyingozi. Ngokufanayo, ngenxa yolwazi lwabo oluningi nokuhlangenwe nakho, abazali bakho bangase babone izingozi wena ongaziboni. Njengabaqaphi basolwandle, umgomo wabazali bakho awukhona ukukuncisha injabulo, kodwa uwukukusiza ugweme izingozi ezingabangela ukuba ungakujabuleli ukuphila.

 Nasi esinye isizathu: Abazali bakho banesifiso esinamandla sokukuvikela. Uthando lubashukumisela ukuba bavume uma kufanele futhi benqabe uma kudingeka. Lapho ucela imvume yokwenza okuthile, bayazibuza ukuthi uma bekuvumela, bayoyijabulela yini imiphumela yako. Bayovuma kubo—nakuwe—kuphela, uma beqiniseka ukuthi ngeke ulimale.

Indlela Ongandisa Ngayo Amathuba Okuba Bavume

Ongakwenza

 Ukwethembeka: Zibuze: ‘Kungani ngempela ngifuna ukuya lapho? Ingabe kungenxa yokuthi kuzokwenziwa into engiyithandayo, noma ngimane nje ngifuna ukwamukelwa ontanga? Ingabe kungenxa yokuthi kuzobe kunothile ongikhangayo?’ Khona-ke yiba qotho nakubazali bakho. Nabo bake baba basha, futhi bakwazi kangcono. Ngakho, cishe bayoziqonda izisusa zakho zangempela. Bayobazisa ubuqotho bakho, futhi nawe uyozuza ekuhlakanipheni kwabo. (IzAga 7:1, 2) Ngakolunye uhlangothi, uma ungeqotho, ulimaza idumela lakho futhi unciphise namathuba okuba bakuvumele.

 Ukucupha isikhathi: Ungabafundekeli abazali bakho ngezicelo lapho befika nje bevela emsebenzini noma lapho bematasa ngokuthile. Khuluma nabo lapho bekhululekile. Kodwa ungalindi kuze kube umzuzu wokugcina bese ubacindezela ukuba bakuphendule. Abazali bakho ngeke bathande uma ubajaha ukuba benze isinqumo. Cela kusenesikhathi, ubanike isikhathi sokucabanga.

 Imininingwane: Ungakhi phezulu. Chaza kahle ukuthi ufuna ukwenzani. Abazali abayithandisisi impendulo ethi “Angazi,” ikakhulukazi uma bebuza ukuthi: “Obani abazobe belapho.” “Uzoba khona yini umuntu omdala ohluzekile?” noma “Uzobuya nini?”

 Isimo sengqondo: Ungababheki njengezitha abazali bakho. Babheke njengabantu obambisene nabo—ngoba empeleni, kunjalo. Uma ubabheka njengabantu obambisene nabo, cishe ngeke uqophisane nabo kanti ayoba makhulu amathuba okuba nabo babambisane nawe.

 Bonisa abazali bakho ukuthi uvuthwe ngokwanele ukuba wamukele isinqumo sabo futhi usihloniphe. Uma wenza kanjalo, bayokuhlonipha. Esikhathini esizayo, bangase bathambekele ekufuneni izindlela zokukuvumela.